Eneminyaka amithathu, uMichaela DePrince wathola isithombe somdansi we-bhaleyi esasizoguqula ukuphila kwakhe unomphelo. Ngaleyonkathi wayehlala endaweni ezintandaneni e-Sierra Leone, kodwa maduzane watholwa umndeni othile wayiswa eMelika. Nakuba ekuqaleni wayengazi ukuthi i-bhaleyi iyini akasikhohlwanga isithombe somdansi we-bhaleyi ake wasibona. Wayefisa ukujabula njengalomdansi. Lapho umama owamtholayo ebona ukuzimisela kwakhe nge-bhaleyi, waqalisa ukumyisa ezifundweni ze-bhaleyi. Selokhu adansa kusuka lapho kuze kube manje. UMichaela waqokwa njengomdansi osemqoka omncane kunabo bonke ku-Dance Theatre yase-Harlem. Manje udansa ne-Dutch National Ballet, inkampani ephezulu ye-bhaleyi yasemandulo. UMichaela waba ngumlingisi oyinhloko ku-First Position, idokhumentari eyawina umklomelo. Usebonakale kaningi kuthelevishini kuhlanganise i-Dancing with the Stars ne-BBC News. Ngo-2015, uhlelo lwethelevishini yase-Hollandi lwenza ukuthi uMichaela abonane okokuqala no-Magali Messac, umdansi we-bhaleyi owayesesithombeni.
| ISBN: | 9781868428298 |
| Publication date: | 20th May 2017 |
| Author: | DePrince, Michaela|DePrince, Elaine |
| Publisher: | Jonathan Ball Publishers |
| Format: | Ebook |
Eneminyaka amithathu, uMichaela DePrince wathola isithombe somdansi we-bhaleyi esasizoguqula ukuphila kwakhe unomphelo. Ngaleyonkathi wayehlala endaweni ezintandaneni e-Sierra Leone, kodwa maduzane watholwa umndeni othile wayiswa eMelika. Nakuba ekuqaleni wayengazi ukuthi i-bhaleyi iyini akasikhohlwanga isithombe somdansi we-bhaleyi ake wasibona. Wayefisa ukujabula njengalomdansi. Lapho umama owamtholayo ebona ukuzimisela kwakhe nge-bhaleyi, waqalisa ukumyisa ezifundweni ze-bhaleyi. Selokhu adansa kusuka lapho kuze kube manje. UMichaela waqokwa njengomdansi osemqoka omncane kunabo bonke ku-Dance Theatre yase-Harlem. Manje udansa ne-Dutch National Ballet, inkampani ephezulu ye-bhaleyi yasemandulo. UMichaela waba ngumlingisi oyinhloko ku-First Position, idokhumentari eyawina umklomelo. Usebonakale kaningi kuthelevishini kuhlanganise i-Dancing with the Stars ne-BBC News. Ngo-2015, uhlelo lwethelevishini yase-Hollandi lwenza ukuthi uMichaela abonane okokuqala no-Magali Messac, umdansi we-bhaleyi owayesesithombeni.
Iphupho lomdansi we-Bhaleyi is available in Ebook
Iphupho lomdansi we-Bhaleyi was written by DePrince, Michaela|DePrince, Elaine and published by Jonathan Ball Publishers
£3.56